Emsebenzini walo wokuqapha, iPhalamende liqinisekisa ukuthi imithetho eshayiwe iyasetshenziswa kubalwa naleyo enzelwe abantu abasha baleli lizwe.
Ukuze iPhalamende li.nyeleleke kakhudlwana, kwakhiwe uhlelo olwaziwa nge-"Member's Interface" lapho abantu abasha bangahlangana neLungu LePhalamende ukuze bakhulume ngezindaba eziqondene nabo. Futhi bangezwakalisa imibono yabo ngokukhuluma noma ngokwenza izethulo ezibhalwe phansi.
Futhi abantu abasha benza ingxenye yabantu abahambela Imihlangano Yamakomidi lapho iningi lemisebenzi yePhalamende yenzeka khona, kanti futhi bangahambela imihlangano yePhalamende ukuze bakwazi ukubuka okwenziwayo ukuze bathole ulwazi futhi bazihlomise.
IPhalamende linezinhlelo izinto eziningi ezibhekiswe emikhakheni ehlukene, isibonelo: iPhalamende Labantu Abasha (elibakhona ngenyanga Yabantu Abasha) lapho kukhulunywa khona ngezindaba eziqondene nabantu abasha futhi lapho kuvunyelwe ukuthi kube yibona kuphela ababamba iqhaza kanti nalokho okwenziwa lapho kwenzelwa ukuhlonipha bona.
UMthethosisekelo uphoqa iPhalamende ukuthi libandakanye abantu emisebenzini yalo nasezindleleni okwenziwa ngazo izinto zakhona, ngalokho-ke abantu abasha njengengxenye yomphakathi bayamenywa njalo ukuze babeyingxenye yezinhlelo zePhalamende, ezifana noKulalelwa Komphakathi okwaziwa nge-Public Hearing, Ukwethulwa Kwenkulumo Ngesimo Sezwe, ezinye zezinhlelo zokuxhumana nabantu kanye nezinye izinhlelo zokuzimbandakanywa kwabantu.
